uSARS uqukethe iminingwane eminingi kakhulu ayiqokelela ngenkathi enza umsebenzi wakhe wansuku zonke wokuqoqa izimali zentela zikahulumeni kuzwelonke kanye nezamabhizinisi alekelela ekuqhubekeni kwalemikhankaso. Lolu lwazi lubalulekile kubantu abathintekayo ngqo, okungaba abakhokhi bentela, abadayisi, abahlanganyeli kumabhizinisi noma abaqashwa. Lubalulekile futhi kwabolwazi lwemfundo ephakeme, abaqhudelani kwezamabhizinisi, abezomthetho nabezokukhangisa ngamagugu ngenhloso yokudayisa.
Ukuqinisekisa ukuthi inzuzo yonke iyavezwa ku-SARS ngabakhokhi bentela nabadayisi, umthetho kaSARS ophathelene nobumfihlo beminingwane eyengamelwe nguSARS uqinisekisa ukuthi lonke ulwazi ngabakhokhi bentela nabadayisi luyimfihlo futhi alunakuvezwa ngaphandle kwezimo ezithize eziphoqayo. UMthetho ogqugquzela ukufinyelela kumininingwane nolwazi ka 2000 ("umthetho") uqinisekisa imfihlo ngalolulwazi, ngokuhlinzekela ukugcinwa kwayo iyimfihlo ngegunya lomthetho, ngaphandle kumuntu onelungelo layo noma kulowomuntu ogunyaziwe ukuluthola lolo lwazi. Ukwengeza kulokhu, umthetho ubhekela ubumfihlo obuhambisana nokuhanjiswa kwamabhizinisi ka-SARS lapho lokhu kungadingeka.
Izigaba ezilandelayo zichaza uSARS, izinkambiso zokufaka izicelo ngolwazi oluqukethwe kwimiqulu yolwazi kaSARS, kanti uma kunesidingo salokho, izindlela zangaphakathi zokuzwakalisa izikhalazo ngokoMthetho. I-SARS isiyazenza zaqondana nomnyango owodwa izicelo nezimangalo emahhovisi ayo amakhulu ukuze kubelula ukuzilandela, nokuziphendula ngesikhathi esinqunywe uMthetho, kanjalo nokumelana nokwenzekayo nezinguquko ezingaba khona ngendlela esheshayo. Lokhu kuhambisana nesiko eligcizelelwa I-SARS lokwenza izinto ngendlela esobala, njengokoMthetho, kanjalo nokuhambisana kukaSARS nezimiso-migomo zokumela okwenzekile, ubuqotho kanye nokwethembeka kulabo uSARS abambisene nabo.
OyisiPhathi-Mandla sezoKwazisa ungukhomishani woMnyango wezeNtela waseNingizimu Africa, uMnu. Pravin Gordhan. Kanti ngaphansi kwakhe kukhona abane abangamaPhini esiPhathi-mandla sezoKwazisa, ababhekana nezicelo zokufinyelela kokugciniwe kwa-SARS njengokomthetho usuku ngo-suku. IPhini ngalinye labelwa indawo ethize yomsebenzi lokho kuya ngokuthi ubungoti balo nolwazi lomsebenzi luqine kuphi bese enikezwa leyo ndawo azosebenza kuyona ngolwazi lwakhe nangokugogoda kwakhe.
Uma unesifiso sokufaka isicelo sokuthola okulemibhalo egciniwe ku-SARS ngokusemthethweni kufanele ugcwalise I-fomu elikusijobelelo 1 bese ulibhekisa kulelo Phini lezoKwazisa eliqondene naso.
AmaPhini ezoKwazisa asebenzisa ikheli elifanayo lase-Hhovisi nele-Posi.
IPhini lezoKwazisa eliqondene liyophendula izinsuku ezingu 30 zingakapheli (izinsuku ezingu 60 kwezinye izimo) ukukwazisa ukuthi isicelo sakho siphumelele noma senqatshiwe.
Kwezinye izimo kuyofuneka ukhokhe imali kuSARS ngaphambi kokuba isicelo sakho samukelwe noma ufinyelele kumarekhodi ocele ukufinyelela kuwona. Lapho ukusebenza isicelo sakho kungenzeka kweqe amahora angu-6, i-SARS iyokuqhubeka nokukulungisela okucelile emveni kokuba usukhiphe imali eyisibambiso.
Isicelo sakho siyokuthunyelwa kuwe ngendlela oyicelile noma ngendlela okugcinwe ngayo ulwazi emiqulwini, uma ingekho indlela oyicelile.
Lolu ushicilelo lokuqala lomqulu wokusebenzisa umthetho we-SARS ngokomthetho. Uzoguquka ukhule njangalo uSARS nabaceli bolwazi olugciniwe becubungula ukusebenziseka ngempumelelo kwaloMthetho, kanjalo nendinganiso phakathi kwelungelo lokuthola ulwazi namanye amalungelo ezanywa nguMthetho, njengalelo lobungasese, kanye nesidingo sokugcina uMbuso usebenza ngempumelelo.
Imithetho engaphansi kowokuqala, amanothi ahunyushiwe, nokunye.
Imininingwane yokuxhumana nabasebenzi bomnyango wezoKwazisa.
Imininingwane etholakala ngaphandle kokuyicela.
Ukugcwalisa I-fomu yokufaka isicelo.
Ukuthatha isinqumo maqondana nesicelo sakho.
UMhlahlandlela weKhomishani yamaLungelo esiNtu.
ukuqoqa intela; noku lawula okungena ezweni, okukhishelwa ngaphandle kwezwe, okukhiqizwayo, ukuthuthwa, ukugcina nokusetshenziswa kwezimpahla ezithile ngokufanele nangempumelelo.
UMthetho owengamele ukuqoqwa kweNtela lapho kuDluliswa ubumnini beZakhiwo ka1949.
o noma imuphi umthetho-mgomo, umthetho-saziso, isaziso sika-hulumeni kumbe isiyalelo esikhishwe ngokuhambisana nalemithetho engenhla noma esinye isivumelwano esenziwe kulandelwa lemithetho kumbe uMthetho-sisekelo o noma imuphi umthetho ophathelene nokuqoqwa kwentela noma olawula wengamele ukukhishwa nokungeniswa kwempahla ezweni, ukukhiqizwa kwempahla, ukuthuthwa, ukugcinwa noma ukusetshenziswa kwezimpahla ezithile okungahle zidluliselwe ku-SARS ngokomthetho noma isivumelwano phakathi kuka SARS ne-ngxenye kahulumeni noma isikhungo esithintekayo (njengentela eqoqwa ngokungathuthukisi amakhono, kanye nenkokhelo yomshwalense wokungasebenzi).
nakho konke okuphathelene nentela; kanye namandla uNgqongqoshe awanikeziwe ngokuhambisana nalemithetho engenhla; futhi eluleke uNgqongqoshe woHwebo neziMboni malungana nakho konke okuphathelene nokulawulwa kokukhishwa nokungeniswa kwempahla ezweni, ukukhiqizwa kwempahla, ukuthuthwa, ukugcinwa noma ukusetshenziswa kwezimpahla ezithile.
Inhloso yakhe ukuba intela eqoqwayo ibe nezithelo ezibonakalayo, elekelele uhwebo bese engeza kubakhokhi-ntela ngokufaka abakhokhi abasha bentela emabhukwini ngokugqugquzela ukwaziseka ngentela ukuze abantu basazi futhi babhekane naso isibopho sabo sokusekela lomnyango nemithetho yentela neyohwebo yaseNingizimu Afrika, kanye nokuhlinzeka usizo olusezingeni eliphezulu olukwazi ukuhlangabezana nezidingo zomphakathi.
Nakuba i-SARS kuwumsebenzi wayo ukubhala imithetho yezentela, lokhu ikwenze ngaphansi kweso nomgomo kaNgqongqoshe wezeziMali, kanti kwesinye isikhathi noNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni. Njengokwemfanelo ke, imiqulu ekhishwe uMnyango wezeZimali kahulumeni nomnyango wezoHwebo neziMboni ngokuhambisana nalomMthetho kufanele ukuba ibhekwe malungana neqhaza lomphakathi ekwakhiweni kwemigomo.
Kuya ngohlobo nobulukhuni bomthetho ohlongozwayo, kuyenzeka ukuthi kuqale kukhishwe umbhalo wezingxoxo ocaba indlela okufuneka mayilandelwe bese kumenywa umphakathi ukuthi nawo uphose itshe esivivaneni ngokuphawula.
Njengoba i-Phalamende lingenawo amandla okwamanje okuchibiyela uMthetho-sivivinywa weziMali uma usuwethuliwe, sekukhandwe uhlelo lokukhuthaza umphakathi ukuthi uphawule futhi ube yingxenye yenkulumo-mpikiswano ngaphambi kokuba wethulwe. Loluhlelo ke luqala ngokuthi uSARS akhiphe uhlaka lomthetho izinsuku ezingu-10 zokusebenza ngaphambi kokuhlangana kwebhunga lamaKomidi asePhalamende. Bobabili u-SARS namakomidi e-Phalamende babe sebemema imibono yomphakathi ngohlaka lomthetho, lokhu okungaba ngendlela yokuthumela okubhaliwe noma ngezingxoxo ngqo. Uma sekwaziswe umphakathi ke ngalokhu, kuye kube sekubanjwa izingxoxo namaKomidi aseSishayamthetho lapho kubekwa imibono ngemibono. Emaphethelweni alezi zingxoxo ke u-SARS noMnyango kaZwelonke wamaGugu eziMali balungisa umbhalo oyimpendulo yezingxoxo oshoyo ukuthi yikuphi okwemukelekile, kanjalo nalokho okungamukelekanga bese iyachaza ukuthi kungani.
Umthetho ohlongozwayo, ube ke usuwethulwa uNgqongqoshe wezeziMali bese i-Phalamende iyaqalake nenqubo esemthethweni.
Imithetho eyimixhantela, kanye namaNothi achazayo, etc.
Kuya ngobunjalo nobulukhuni bomthetho ohlongozwayo, ukukhishwa kwezincazelo nokunye, kungandulelwa ukifakana amakhanda namaqembu aqhamuka ezimbobini ezithize, izinhlangano nososeshana bawochwepheshe, nabanye abanentshisekelo ngaloludaba nabathanda ukuzimbandakanya, kumbe kushicilelwe uhlaka ukuze kuphawulwe ngalo.
Okuyinhlanganisela ySARS uyayemukela imibono emalungana nemigomo nezinqubo zakhe. Lemibono ifanele ithunyelwe uMenenja oweNgamele osohlwini lweminyango engxenyeni 5.
Imisebenzi ka-SARS ngokujwayelekile ibheke ukukhuthaza ukugcinwa komthetho wentela ngaphandle kwempoqo kanye nolwazi lwawo.
Ukuvezela umphakathi izikhangiso zolwazi, iziyalelo, imihlahlandlela, amanothi achaza umthetho, kanye namanothi ezinqubo ngomthetho owengamelwe ngu-SARS.
Ukusiza abakhokhi bentela nabahwebi ekugcwaliseni amaphepha okwazisa, amaphepha entela namanye ke njena amafomu.
U-SARS futhi unikeza ngosizo kubakhokhi bentela nabahwebi ekusebenzisaneni kwabo namanye amahhovisi aphathelene nentela kanye nalawo aphathelene nokungeniswa nokukhishwa kwempahla ezweni.
Ukuxhumana kwansuku zonke kuka SARS nabakhokhi-ntela, abahwebi, kanye nababamele kuzothinteka lapho uSARS enza izinguquko kuzinhelo zakhe zokusebenza. Ekuphuculeni izinsizakalo azihlinzekela labo asebenzisana nabo, wenza izinguquko kumahhovisi angamaziko akhe abegxile enteni eyodwa, ukuthi abe yizikhungo zokuhlaziya, zokusebenza, abuye abe amaziko futhi. Lezi zinhlaka ezintsha zamahhovisi seziqalile ukusebenza KwaZulu-Natal naseNtshonalanga Kapa kanti loluhlelo luzokuqhubekela eGauteng ngo 2003.
OyisiPhathi-Mandla sezoKwazisa ungukhomishani woMnyango wezeNtela waseNingizimu Africa, uMnu. Pravin Gordhan. Kanti ngaphansi kwakhe kukhona abane abangamaPhini esiPhathi-mandla sezoKwazisa, ababhekana nezicelo zokufinyelela kokugciniwe kwa-SARS njengokomthetho usuku ngo-suku. IPhini ngalinye labelwa indawo ethize yomsebenzi lokho kuya ngokuthi ubungoti balo nolwazi lomsebenzi luqine kuphi bese enikezwa leyo ndawo azosebenza kuyona ngolwazi lwakhe nangokugogoda kwakhe.
Uma unesifiso sokufaka isicelo sokuthola okuqukethwe yimibhalo egcinwe kwa-SARS, kufanele leso sicelo usibhekise kulelo Phini lezoKwazisa eliqondene. Lokhu kuzokuqinisekisa ukuthi isicelo sakho silandeleka ngokufanelekile futhi nempendulo yaso uyithola ngesikhathi esinqunywe savunyelwa.
AmaPhini ezoKwazisa asebenzisa ikheli elifanayo lase-Hhovisi nele-Posi.
Njengehhovisi elengamele ukuqoqwa kwentela kazwelonke, amarekhodi kaSARS ahlukaniseke izinhla nemikhakha emintathu ebanzi.
Lemibhalo egciniwe ihlanganise iminingwane yemali engenile kubantu, izibhilivane ezifakazisa ukungena kwempahla ngokusemthethweni, ukubikwa kokuqhamuka kwamanye amazwe, ukuhlunga, izitatimende zezimali, imidanti yezimali kumbe olunye ulwazi ngabakhokhi bentela eqoqwe kumithombo eyehluka-hlukene, nembibhalo egciniwe yeziqhathaniso.
Lemininingwane ibandakanya amarekhodi ezimali eziqondene nokusebenza kukaSARS qobo lwakhe eziku-akhawunti eqondene nalokho, kanye nezimali ezihambisana nentela eqoqiwe ku-akahwunti yalokho, izinkontileka, amaminithi amakomidi ehluka-hlukene, amarekhodi okusebenza, imiyalelo yokusebenza kanye nama-manuwali, izibalo ngentela, amathenda, nezibalo zohwebo.
Umbhalo ochaza ngokucuthsungulwa kwamanani ezindlu ezingezona ezokuqala ngenhloso yokuqoqa iNtela enzuzweni lapho sezidayisa.
Umbhalo ngawufaka ekhikhini ochaza ngokubanjwa kwentela.
Ibhukwana elichazwa ngokubanjwa kweNtela e-Ningizimu Afrika..
u-SARS uzohlinzeka umkhokhi-ntela nge-khophi yakhe yefomu yokukhokha intela, ucwaningo, isitatimende se-akhawunti, kanye namanye amarekhodi athi awafane nalawo uma ecelwa ehhovisi elinawo lawo marekhodi. Lapho kucelwa makhophi amarekhodi, kungahle kube hona iimali ekhokhwayo kuya ngomthamo wamakhophi aceliwe.
Izinyathelo ezichazwe ngezansi zakhelwe ukuqinisekisa ukuthi isicelo sakho sokufinyelela emibhalweni egcinwe kwa-SARS sisetshenzwa ngokuphazima kweso nangendlela efanelekile ngangokungenzeka. Lezi zinyathelo zisebenza ngisho ungangumceli wangaphakathi kumbe wangaphandle.
Cabangisisa ngokuthi kungabe irekhodi ofisa ukulicela lihambelana nemininingwane yolwazi ephathelene no-SARS noma ulwazi olungaqukathwa u-SARS kumbe lube ngaphansi kolawulo lwakhe. Uma kubonakala songathi irekhodi olifunayo likolunye uhlaka kumbe umnyango, kufanele izicelo ziqondiswe kulowomnyango. Izicelo zamarekhodi aku-SARS kumbe angaphansi kolaulo lwakhe nagkubambezela ukuphendulwa kwezicelo zamanye amarekhodi futhi ngokuvamile kuye kufanele zidluliselwe kolunye uhlangothi, lokho ke kuzoyibambezela impendulo yesicelo sakho.
Ukhumbule ukuthi I-SARS uzokusenqaba isicelo sakho serekhodi uma liphethe imininingwane u-SARS ayitholele kumbe ayigcine ngezinhloso zokufezekisa imithetho yezentela, ngaphandle uma leyomininingwane ingawe noma umuntu ommele.
Bhekisisa ukuthi isicelo esifakwe ngezizathu zomsebenzi akufanele yini simane sifakwe ngaphansi kwemigomo yoMthetho oGqugquzela ubuLungiswa bokuPhatha, ka 2000, njangalokhu izizathu zakho kungase kube azikasithathi isimo serekhodi lolwazi njengalo kuchaziwe.
Uma usuwenelisekile ngokuthi usafuna ukufaka isicelo semibhalo egciniwe, kufanele ugcwalise ifomu A, ozolithola kusiJobelelo 1 salomqulu. Isicelo kufanele senziwe ubuso nobuso noma nge e-mail, i-iFeksi , kumbe iposi elizokuqondiswa kuPhini lezoKwazisa elifanelekile elitholakala kuluhlu 6 lwale-manuwali. Uma ungakayitholi incwadi eshoyo ukuthi isicelo sakho sifikile zingakapheli izinsuku ezingu 14, siza uxhumane noyiPhini lezoKwazisa ukuze uqinisekise ukuthi isicelo sakho sifikile.
Ingxenye ngayinye yefomu inemiyalelo okufanele ilandelwe ukwenza ngcono amathuba okuba isicelo sakho siphumelele.
Lapho kwenziwe isicelo samarekhodi ngenhlangano ethize, kuyancoywa kakhulu ukuthi leso sicelo sifakwe kumbe sigunyazwe oyisiphathimandla kwezomphakathi saleyonhlangano.
Uma wenza isicelo wenzela omunye umuntu, kufanele ulethe ikhophi yencwadi ayibhalile ekugunyazayo ukuba wenze isicelo esikhundleni sakhe.
Kufanele uhlinzeke incazelo eneminingwane eyenele ngalelo-rekhodi olifunayo ukuze kusizakale lo oyiPhini lesiPhathi-mandla kwezoKwazisa ukuba alitomule.
Uma uhlangabezana nezinkinga ekugcwaliseni ifomu lesicelo noma unokukhubazeka okukuvimbelayo ukuba ungazigcwalisela, ungangabazi ukuthintana noyiPhini lesiPhathi-mandla kwezoKwazisa ukuba akusize. Yena uyokuthokozela ukukusiza ukugcwalisa i-fomu, kanjalo nokukuthumelela ikhophi yefomu egcwalisiwe kube nguyena okugcwalisele.
Kungenzeka kudingeke ukhokhe imali ukufinyelela embhalweni egciniwe njengoba kubekiwe kumthetho. Lezi zimali ezokucela nokufinyelela.
Imali yokucela: Uma ucela ukufinyelela emibhalweni egciniwe enemininingwane yakho ngeke ukhokhise imali yesicelo. Noma isiphi ke esinye isicelo kufanele siphekezelwe imali ebekiwe.
Imali yokufinyelela kumarekhodi: Uma isicelo sivunyiwe imali yokukhiqiza lawo marekhodi iyadingeka, nanoma isikhathi sokukulungiela irekhodi lakho sevile ehoreni elilodwa. Uma isikhathi sokusebenza isicelo sakho ulungiselwa irekhodi olifunile kubonakala songathi sizokweva kumahora asithupha imali eyisibambiso engangengxenye eyodwa kokuthathu (1/3) izokufuneka.
Ungayikhokha imali ibe ngu-kheshi ehhovisi kwa-SARS noma ubhale -isheke (libhekiswe kuKhomishane ywaseHHovisi lezeNtela lase-Ningizimu Afrika). Usuyokube usunikezwa isipheshana esiyisifakaziso sokuthi ukhokhile kanti ikhophi yaso kufanele inikwe oyiPhini lezoKwazisa njengobufakazi benkokhelo. Yonke inkokhelo kufanele ibe imali yase-Ningizimu Afrika.
Ukuma kwemali ekhokhwayo ke kubekwe ngokomthetho futhi kubuye kwaphindwa kusiJobelelo 2 salemanuwali.
Ukuthatha isinqumo ngesicelo sakho oyiPhini lezoKwazisa kudingeka athathe isinqumo malungana nesicelo sakho zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu (ngezinye izkhathi kuba yizinsuku ezingu 60 ingenxa yesimo esithize) amukele isicelo sakho, ngale kwalokho isicelo sakho kuthathwa ngokuthi senqatshiwe. Uyokwaziswa ke ngesinqumo soyiPhini lezoKwazisa ngendlela eyicelile kwifomu lakho lokufaka isicelo.
Irekhodi olicelile ulichaze kabanzi nangokwenele ukwelekelela iPhini lesiPhathi-mandla kwezoKwazisa ukukwazi ukulithola.
Ukufinyelela kwirekhodi akwenqatshwa ngesinye sezizathu ezibekiwe ngokoMthetho. Izizathu zokwenqaba ngokomthetho zingena ngaphansi kwalezizigaba ezilandelayo...
Ukuvikeleka ngokomthetho kwemininingwane ethile eyimfihlo yomunye umuntu, kanye nokuvikeleka kolunye ulwazi oluthizeni oluyimfihlo lomunye umuntu.
Imibhalo ephatjhelene nezokuvikela, ukuphepha, kanye nobudlelwano obuphakathi kweRiphabhuliki namazwe angaphandle.
Ukuvikeleka ngokomthetho kolwazi locwaningo lomunye umuntu, kanye nokuvikeleka kolwazi locwaningo lohlaka lukahulumeni.
Uma unganelisiwe ngesinqumo salowo oyiPhini kwezoKwazisa kumbe ukwenqatshwa kwesicelo sakho, unelungelo lokudlusisela phambili ngemigudu yangaphakathi isikhalo sakho ngaleso sinqumo nangokwenqatshelwa.
Isikhalo sangaphakathi kufanele sibhalwe kusetshenziswe I-fomu B etholakala kusiJobelelo 3 salomqulu. Kufanele uzendlale kahle izizathu zezikhalo ngesinqumo nangerekhodi ngalinye. Ukudluliswa kwangaphakathi kufanele kwenziwe zingakapheli izinsuku ezingu 60 ngemuva kokuthola impendulo elandulayo evela ehhovisi laloyo oyiPhini lezoKwazisa noma usuku okwanqatshwa ngalo. Kufanele kufakwe ngwe gaqa lakho, noma nge-email, ifeksi, noma ngeposi, kubhekiswe kulowo oyiPhini lezoKwazisa owawuthumele kuyena isicelo kwasakuqaleni. oyiPhini lezoKwazisa uyothumela isicelo sokwedlulisa kanye nezizathu zakhe zesinqumo kulowo Mnyango ofanelekile ka-SARS. Uma ungakayitholi incwadi eyisiqiniseko sokuthi basitholile isikhalo sakho zingakapheli izinsuku ezingu 14, siza uthintane noyiPhini lezoKwazisa ukuqinisekisa ukuthi isicelo sakho sokudlulisa udaba sifikile.
Uma ungeneliswa isinqumo somnyango oqondene usungaludlulisela enkantolo udba lwakho ukuze uthola ukusizakala.
B. Imininingwane yomuntu ofaka isicelo sokufinyelela kwi-rekhodi a Imininingwane yothumela isicelo kufanele ibhalwe ngezansi.
b Nikeza ikheli / i-nombolo ye-Feksi kwaseRiphabhuliki yaseNingizimu Africa lapho impendulo kufanele ukuba ithunyelwe khona.
Lendawo igcwaliswe kuphela uma isicelo senziwe ngokumela omunye.
b Nika yonke imininingwane yokucelayo, lokho kumbandakanya inombolo yefayela uma uyazi, ukuze kube lula ukulithola.
c Uma isikhala osinikiwe singenile faka iphepha lokwengeza bese uyalihlanganisa nefomu oyigcwalisile. Kufanele uwasayine wonke amaphepha.
E. Inkokhelo a Isicelo semibhalo egciniwe, ngaphandle kwalelo eliminingwane yakho, sizokusethsenzwa kuphela emveni kokuba usukhokhe imali yesicelo b Uyokwaziswa ngemali odinga ukuyikhokhela isicelo c Inkokhelo- mali yokufinyelela ilawulwa yisimoolifuna ngasoirekhodi kanye nesikhathi esizokuthathwa lifunwa lilugiswa ligaywa.
Yenza u"x" esikhaleni esifanele a Uyokusithola lesosimo osicelile uma sikhona b Isicelo sesimo serekhodi singenqatshwa ngenye inkathi. Uma kunjalo ke uyokwaziswa uma uzokulithola ngenye indlela.
Uma kungenzeka ukuthi ngenxa yokukhubazeka awukwazi ukufunda, ukuzwa, njgendlela irekhodi elikhishwe ngayo ku 1-4 ngezansi, shono ukukhubazeka kwakho bese uyisho indlela olifuna ngayo irekhodi.
Uma ucele ikhophi kumbe ukukhishelwa kwe-rekhodi ngenhla, ufisa ukuba sikuposele yini?
Qaphela uma okugciniwe kungekho ngolimi olucelile, ungahle ukuthole ngolimi okubhalwe ngalo irekhodi.
Uthanda ukuthi irekhodi sikunikeze ngaluphi ulimi?
Uzokwaziswa ngokubhalelwa incwadi noma isicelo sakho siphumelele noma senqatshiwe.
Ungathanda ukutshelwa kanjani ngesinqumo sesicelo sakho?
Isicelo semukelwe ngu:...
Isicelo semukelwe ngo:...
Imali yenkokhelo (uma ikhona):...
Isayini yePhini lezoKwazisa:...
Inkokhelo yekhophi yemanuwali njekusho komthetho-mgomo 5(c) kuzoba u R0,60 ngekhasi eliyisilinganiso se- A4 kumbe ingxenye yalokho.
b Lonke i-khophi engu- A4 isilinganiso ophuma kwi-khompyutha nanoma imuphi umshini wokubhala.
c Ikhophi esesimweni sokufundwa yi-khompuyutha.
Imali ekhokhwa yiwowonke umceli, ngaphandle kocela okuqondne naye njengoba kubekiwe kumthetho-mgomo 7 R35,00.
f Ukutatulula nokulungisa irekhodi ukuze likhiswe, uR15,00 nge-hora kumbe ingxenye yehora lingabalwa ihora lokuqala, njengalokhu kuvame ukudingeka kulowomsebenzi.
a ukuba kweviwe kuma-hora angu-6 ngaphambi kokuba kukhokhwe imali eyisibambiso; futhi b Iqhezu elilodwa kokuthathu lingakhokhwa njenge-diphozi yilowo ofaka isicelo.
Igama, ikheli leposi, noma lesakhiwo, Inombolo ye-(Feksi) noma ikheli le(e-mail) LesiPhathiMandla sesoKwazisa kumbe oyiPhini laso kufanele kubhalwe ngezansi.
B. Imininingwane yalowo ocela ukufinyelela emibhalweni egciniwe a Imininingwane yocela ukufinyelela emibhalweni egciniwe kufanele ibhalwe ngezansi.
b Sinikeze ikheli ne-nombolo ye-Feksi kwase-Ningizimu lapho siyokuthumela khona ulwazi.
c Faka ubufakazi bokuthi umfakela ngasiphi isikhundla lo omfakela isicelo.
Amagama agcwele nesibongo:...
Isikhundla omfakela ngaso omunye isicelo, uma isicelo sifakwa esikhundleni somunye.
Lendawo engezansi igcwaliswe kuphela uma isicelo senzelwa omunye.
Amagama agcwele nesibongo:...
Inombolo kamazisi / yenkampani...
Ukwenqabela isicelo sokufinyelela.
Isinqumo semali ekhokhwayo njengokusho kwesigaba 22 soMthetho.
Isinqumo ngokwesigaba 29 soMthetho sokunqaba ukunika imvume yokufinyelela ngendlela umfaki sicelo acelo ngayo.
Isinqumo sokunika isicelo sokufinyelela emibhalweni egciniwe.
Uma isikhala osinikiwe singenele uvumelekile ukubhala ephepheni eliseceleni bese uyalinamathelisa kuleli fomu.
Uyokwaziswa ngencwadi isinqumo ngesicelo sakho sokudlisa udaba ngaphakathi.
Ubungathanda ukutshelwa kanjani ngesinqumo mayelana nesicelo sakho?
Inkokhelo yokudlulisa udaba:...
Ifakwe ehhovisi eliyilo ngo:...
Isinqumo esisha, uma sikhona:...
Isayini yesiPhathimandla esifanelekile:...
